Abantu abahamba ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; abahlezi ezweni lethunzi lokufa ukukhanya kuyabakhanyisela. Uyakwandisa isizwe, ukhulise intokozo yaso; bathokoza phambi kwakho njengokuthokoza ekuvuneni, njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango. Ngokuba ijoka lomthwalo wabo, nenduku yamahlombe abo, noswazi lomhluphi wabo uyakwaphula njengasosukwini lukaMidiyani. Ngokuba zonke izicathulo ezifakiweyo esiyaluyalwini sokulwa nezingubo ezigingqwe egazini ziyakuba ngezokushiswa, zidliwe ngumlilo. Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.
Funda U-Isaya 9
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Isaya 9:2-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo