U-Isaya 9:2-6
U-Isaya 9:2-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Abantu abahamba ebumnyameni babone ukukhanya okukhulu; abahlala ezweni lethunzi lokufa, ukukhanya kubakhanyisele. Wandisa isizwe, awukhulisanga intokozo; Ngokuba wephulile ijoka lomthwalo wabo nodondolo lwamahlombe abo, nozime lomcindezeli wabo, njengasosukwini lukaMidiyani. Ngokuba konke ukulwa kweqhawe kunomsindo ophithizelayo, nezingubo ezigingqelwe egazini; kodwa kuyakuba ngumlilo nezinkuni zomlilo. Ngokuba sizalelwe umntwana, siphiwe indodana, nombuso uyakuba sehlombe lakhe, negama lakhe liyakuthiwa oMangalisayo, uMluleki, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.
U-Isaya 9:2-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Abantu ababehamba ebumnyameni, babonile ukukhanya okukhulu. Labo abahlala ezweni elimnyama bhuqe, ukukhanya kuyakubakhanyisela. Uyokwandisa isizwe, usenze siphuphume injabulo; siyothokoza phambi kwakho njengokujabula ngesikhathi sokuvuna, njengoba abantu bejabula lapho babelana impango. Ngokuba uyakunqamula ijoka lomthwalo wabo, nenduku esemahlombe abo, nentonga yocindezelayo, njengosuku mhla kunqotshwa abakwaMidiyani. Wonke amabhuzu amabutho abefakwe empini, nezingubo ezazicwiliswe egazini, kuyoshiswa, kudliwe ngumlilo. Ngokuba sizalelwe uMntwana, siphiwe iNdodana; umbuso uyokuba semahlombe akhe. IGama lakhe kuyothiwa nguMeluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, uMbusi wokuthula.
U-Isaya 9:2-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Abantu abahamba ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; abahlezi ezweni lethunzi lokufa ukukhanya kuyabakhanyisela. Uyakwandisa isizwe, ukhulise intokozo yaso; bathokoza phambi kwakho njengokuthokoza ekuvuneni, njengalokhu abantu bethokoza ekwabeleni kwabo impango. Ngokuba ijoka lomthwalo wabo, nenduku yamahlombe abo, noswazi lomhluphi wabo uyakwaphula njengasosukwini lukaMidiyani. Ngokuba zonke izicathulo ezifakiweyo esiyaluyalwini sokulwa nezingubo ezigingqwe egazini ziyakuba ngezokushiswa, zidliwe ngumlilo. Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.