U-Izaya 50:4-11

U-Izaya 50:4-11 ZUL20

INkosi uSimakade inginikile ulimi lwabafundi ukuze ngikwazi ukuqinisa okhatheleyo ngezwi; njalo ekuseni ivusa indlebe yami, ukuba ngilalele njengofundiswayo. INkosi uSimakade iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane. Nganika abashayi umhlane, nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu; angibusithelisanga ubuso bami ekungcofweni nasekufelweni ngamathe. Ngokuba iNkosi uSimakade iyangisiza; ngakho-ke angizange ngithunazwe, ngalokho ubuso bami ngibumisile njengensengetsha, ngiyazi ukuthi angiyukujabha. Ongikhiphe phambili ecaleni useduze; ngubani oyomelana nami na? Masime kanyekanye; ngubani omelene nami na? Makasondele kimi. Mina phela iNkosi uSimakade iyangisiza; ngubani oyongilahla ngecala na? Bonke bayoguga njengengubo, badliwe yizinundu. Ngubani phakathi kwenu omesabayo uSimakade, olilalelayo izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, engenakho ukukhanya kodwa ethembela egameni likaSimakade, futhi encika kuNkulunkulu wakhe na? Bhekani, nina nonke eningabaphemba umlilo, enibhinca uthuthuva, dabulani emalangabini omlilo wenu, naphakathi kodweshu eniluphembileyo. Nakhu eniyakukwamukela kuvela esandleni sami; niyakulala phansi ngobuhlungu.