U-Isaya 50:4-11

U-Isaya 50:4-11 ZUL59

INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo; ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla ukuba ngizwe njengabafundi. INkosi uJehova iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane. Nganika abashayi umhlane, nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu; angibusithelisanga ubuso bami ekuhlazisweni nasekufelweni amathe. Ngokuba iNkosi uJehova iyakungisiza; ngalokho angijabhanga, ngalokho ngibumisile ubuso bami njengensengetsha; ngiyazi ukuthi angiyikujabha. Ongithethayo useduze; ngubani ongamelana nami na? Masivuke kanyekanye; ngubani omangalelana nami na? Makasondele kimi. Bheka, iNkosi uJehova iyakungisiza; ngubani oyakungilahla na? Bheka, bonke bayakuguga njengengubo, badliwe njengezinundu. Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova? Makalilalele izwi lenceku yakhe ehambile ebumnyameni, ethembile egameni likaJehova, noma ingenakukhanya, yencika kuNkulunkulu wakhe. Bhekani nina nonke eniphemba umlilo, enibhinca izikhuni, manihambe ekukhanyeni komlilo wenu naphakathi kwezikhuni eniziphembileyo. Lokhu kuyakuba phezu kwenu kuvela esandleni sami; niyakulala phansi ngobuhlungu.