U-Isaya 50:4-11
U-Isaya 50:4-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
INkosi uSimakade inginikile ulimi lwabafundi ukuze ngikwazi ukuqinisa okhatheleyo ngezwi; njalo ekuseni ivusa indlebe yami, ukuba ngilalele njengofundiswayo. INkosi uSimakade iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane. Nganika abashayi umhlane, nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu; angibusithelisanga ubuso bami ekungcofweni nasekufelweni ngamathe. Ngokuba iNkosi uSimakade iyangisiza; ngakho-ke angizange ngithunazwe, ngalokho ubuso bami ngibumisile njengensengetsha, ngiyazi ukuthi angiyukujabha. Ongikhiphe phambili ecaleni useduze; ngubani oyomelana nami na? Masime kanyekanye; ngubani omelene nami na? Makasondele kimi. Mina phela iNkosi uSimakade iyangisiza; ngubani oyongilahla ngecala na? Bonke bayoguga njengengubo, badliwe yizinundu. Ngubani phakathi kwenu omesabayo uSimakade, olilalelayo izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, engenakho ukukhanya kodwa ethembela egameni likaSimakade, futhi encika kuNkulunkulu wakhe na? Bhekani, nina nonke eningabaphemba umlilo, enibhinca uthuthuva, dabulani emalangabini omlilo wenu, naphakathi kodweshu eniluphembileyo. Nakhu eniyakukwamukela kuvela esandleni sami; niyakulala phansi ngobuhlungu.
U-Isaya 50:4-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo; ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla ukuba ngizwe njengabafundi. INkosi uJehova iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane. Nganika abashayi umhlane, nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu; angibusithelisanga ubuso bami ekuhlazisweni nasekufelweni amathe. Ngokuba iNkosi uJehova iyakungisiza; ngalokho angijabhanga, ngalokho ngibumisile ubuso bami njengensengetsha; ngiyazi ukuthi angiyikujabha. Ongithethayo useduze; ngubani ongamelana nami na? Masivuke kanyekanye; ngubani omangalelana nami na? Makasondele kimi. Bheka, iNkosi uJehova iyakungisiza; ngubani oyakungilahla na? Bheka, bonke bayakuguga njengengubo, badliwe njengezinundu. Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova? Makalilalele izwi lenceku yakhe ehambile ebumnyameni, ethembile egameni likaJehova, noma ingenakukhanya, yencika kuNkulunkulu wakhe. Bhekani nina nonke eniphemba umlilo, enibhinca izikhuni, manihambe ekukhanyeni komlilo wenu naphakathi kwezikhuni eniziphembileyo. Lokhu kuyakuba phezu kwenu kuvela esandleni sami; niyakulala phansi ngobuhlungu.
U-Isaya 50:4-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
INkosi uJehova inginike ulimi lwabafundileyo, ukuze ngikwazi ukukhuluma izwi ngesikhathi esifanele kokhatheleyo; INkosi uJehova yavula indlebe yami, futhi angizange ngihlubuke futhi angizange ngibuyele emuva. Ngiwunike umhlane wami ekushayweni, nezihlathi zami kulabo abaklebhula izinwele; angibufihlanga ubuso bami ehlazweni nasekukhafuleni. Ngokuba iNkosi uJehova iyakungisiza; ngakho-ke angiyikuma nginamahloni; Useduze ongilungisisayo; ngubani ongangiphikisa? asime ndawonye: ngubani omelene nami? akeze kimi. Bheka, iNkosi uJehova iyangisiza; ngubani ongangahlulela na? bheka, bonke bayakuguga njengengubo; inundu lizabadla libaqede. Ngubani phakathi kwenu omesabayo uJehova, olalela izwi lenceku yakhe, ohamba ebumnyameni, kungekho ukukhanya, na? makathembele eGameni likaJehova futhi ahlale kuNkulunkulu wakhe. Bhekani, nina nonke enibasa umlilo, enihaqile ngezinhlansi: hambani ekukhanyeni komlilo wenu nasezikhusini enizibasileyo. Kufanele ukuthole esandleni sami; nizolala phansi ngosizi.