U-Izaya 50

50
Ukuthengiswa Ngenxa Yobubi Neziphambeko
1Usho kanje uSimakade, uthi:
“Iphi incwadi yesehlukaniso engimlahle ngayo?
Ngumuphi konyoko engimxoshile,
ngubani enginesikweletu naye,
engithengise ngani kuye na?
Bhekani, nathengiswa ngenxa yobubi benu,
nangeziphambeko zenu;
unyoko walahlwa.
2Yini eyenza kungabi bikho muntu
lapho ngifika na?
Kungani kungasabelanga muntu
nalapho nginibiza na?
Ngabe isandla sami sifinyeziwe yini
ukuba singahlengi na?
Noma angisenamandla okukhulula na?
Ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle,
ngenze imifula ibe yihlane,
izinhlanzi zayo zinuke;
ngokuba engekho amanzi,
ziyofa zibulawa wukoma.
3Amazulu ngiwembathisa ubumnyama,
ngenze indwangu eyisaka
ibe yisembozo sawo.”
Umsebenzi Wenceku
4INkosi uSimakade inginikile ulimi lwabafundi
ukuze ngikwazi ukuqinisa okhatheleyo ngezwi;
njalo ekuseni ivusa indlebe yami,
ukuba ngilalele njengofundiswayo.
5INkosi uSimakade iyivulile indlebe yami,
mina angihlubukanga,
angihlehlanga nyovane.
6Nganika abashayi umhlane,
nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu;
angibusithelisanga ubuso bami
ekungcofweni nasekufelweni ngamathe.
7Ngokuba iNkosi uSimakade iyangisiza;
ngakho-ke angizange ngithunazwe,
ngalokho ubuso bami ngibumisile njengensengetsha,
ngiyazi ukuthi angiyukujabha.
8Ongikhiphe phambili ecaleni useduze;
ngubani oyomelana nami na?
Masime kanyekanye;
ngubani omelene nami na?
Makasondele kimi.
9Mina phela iNkosi uSimakade iyangisiza;
ngubani oyongilahla ngecala na?
Bonke bayoguga njengengubo,
badliwe yizinundu.
10Ngubani phakathi kwenu omesabayo uSimakade,
olilalelayo izwi lenceku yakhe,
ohamba ebumnyameni,
engenakho ukukhanya
kodwa ethembela egameni likaSimakade,
futhi encika kuNkulunkulu wakhe na?
11Bhekani, nina nonke eningabaphemba umlilo,
enibhinca uthuthuva,
dabulani emalangabini omlilo wenu,
naphakathi kodweshu eniluphembileyo.
Nakhu eniyakukwamukela kuvela esandleni sami;
niyakulala phansi ngobuhlungu.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 50: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume