U-Izaya 51

51
USimakade Uyoliduduza IZiyoni
1“Ngilaleleni nina enilandela ukulunga,
nina enifuna uSimakade.
Bhekani edwaleni eniqhezulwe kulo,
nasenkwalini enimbiwe kuyo.
2Bhekani ku-Abhrahama, ukhokho wenu,
nakuSara owanizalayo,
ngokuba ngambiza eyedwa vo,
kodwa ngambusisa, ngamandisa.
3Ngokuba uSimakade uyoliduduza iZiyoni,
aziduduze zonke izindawo zalo ezichithiweyo;
enze ihlane lalo libe njenge-Edene,
nogwadule lwalo lube njengensimu kaSimakade;
injabulo, nentokozo,
ukubonga, nezwi lokuhlabelela
kuyofunyanwa khona.
4“Ngizweni bantu bami,
nibeke indlebe kimi, sizwe sami,
ngokuba kuyakuphuma umthetho kimi,
nobulungiswa bami bube ngukukhanya ezizweni.
5Ukulunga kwami sekusondele,
insindiso yami isiphumile,
izingalo zami ziyokwehlulela izizwe;
iziqhingi ziyongilindela zethembele engalweni yami.
6Phakamiselani amehlo enu ezulwini,
nibheke emhlabeni phansi,
ngokuba izulu liyakunyamalala njengentuthu,
umhlaba uguge njengengubo,
nabakhileyo kuwo bafe njengomiyane,
kodwa insindiso yami iyakuma
kuze kube phakade,
nokulunga kwami akuyukuphela.
7“Ngilaleleni nina enazi ukulunga,
nina bantu abamthetho wami
usezinhliziyweni zabo;
ningakwesabi ukusolwa ngabantu,
ningapheli amandla lapho benithuka.
8Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo,
nebhu libadle njengoboya bezimvu,
kodwa ukulunga kwami kuyakuma
kuze kube phakade,
nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”
9Vuka, vuka, wembathe amandla,
wena ngalo kaSimakade,
vuka njengasezinsukwini zasendulo,
ezizukulwaneni zasemandulo.
Akuwena yini owamnquma kabili uRahabi,
wagwaza udrago, na?
10Akuwena yini owomisa ulwandle,
amanzi asotweni,
owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela
okwawela ngayo abahlengiweyo na?
11Abahlawulelweyo bakaSimakade bayobuya,
bafike eZiyoni bejabula.
Intokozo engapheliyo
iyoba semakhanda abo phakade,
bayothola injabulo nentokozo,
kubaleke usizi nokububula.
12“Mina, Mina nginguye oniduduzayo;
ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo,
nendodana yomuntu eyenziwe yanjengotshani na?
13Usumkhohliwe uSimakade uMenzi wakho,
owaleneka izulu,
wabeka nesisekelo somhlaba.
Uthuthumele usuku lonke
ngenxa yolaka lomcindezeli,
ozilungiselela ukubhubhisa.
Kepha luphi ulaka lomcindezeli na?
14Othotshisiweyo uyosheshe akhululwe;
akayukufa,
akayukwehlela egodini,
futhi akayukuswela sinkwa.
15NginguSimakade uNkulunkulu wakho,
onyakazisa ulwandle,
amagagasi alo ahlokome;
nguSimakade Wamabandla, igama lakhe.
16Ngibeke amazwi ami emlonyeni wakho,
ngakufihla ethunzini lesandla sami;
ngeneke amazulu,
ngamisa isisekelo somhlaba,
ngathi eZiyoni:
‘Wena uyisizwe sami.’ ”
17Vuka, vuka, usukume wena Jerusalema
ophuze esandleni sikaSimakade,
indebe yolaka lwakhe;
uphuze waminya esitsheni
sendebe yokutengezela.
18Akekho oliqondisayo
phakathi kwawo wonke amadodana eliwazeleyo.
Akekho olibamba ngesandla
kuwo wonke amadodana eliwakhulisileyo.
19Lezi zinto ezimbili zikwehlele;
ngubani onozwelo kuwe na?
Lapho wehlelwa yincithakalo, nokubhujiswa,
indlala nenkemba,
ngubani oyakukududuza na?
20Amadodana akho adangele,
alala emakhoneni emigwaqo yonke
njengenyamazane esihibeni,
agcwele ulaka lukaSimakade
nesixwayiso sikaNkulunkulu wakho.
21Ngakho-ke yizwa lokhu
wena ohluphekayo nodakiweyo,
kodwa kungeyilo iwayini;
22isho kanje iNkosi yakho,
uSimakade, uNkulunkulu wakho,
Yona emela indaba yabantu bayo, ithi:
“Bheka, ngiyisusile esandleni sakho
indebe yokuntengezela;
awuseyukubuye uphuze endebeni yolaka lwami.
23Ngiyoyibeka esandleni sabakuhluphayo,
abathi kuwe:
‘Khothama, sihambe phezu kwakho;’
abenze umhlane wakho waba njengomhlabathi,
nanjengomgwaqo kulabo abedlulayo.”

Okuqokiwe okwamanje:

U-Izaya 51: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume