KumaHebheru 8:1-13

KumaHebheru 8:1-13 ZUL20

Umongo walokhu esinitshela khona yilo: sinomphristi omkhulu onjalo, osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini, uyisikhonzi sokungcwele nesethabanakeli lempela, elamiswa yiNkosi, hhayi umuntu. Ngokuba yilowo nalowo mphristi omkhulu, ugcotshelwe ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo. Ngakho-ke kudingekile ukuba naye luqobo abe nakho okuthile azonikela ngakho. Ukuba ubesemhlabeni ubengeke abe ngumphristi nakanye, ngokuba bakhona abaphristi abanikela ngeminikelo ngokomthetho, bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengalokhu wayalwa uMose esezakuqeda ukwenza ithabanakeli, kwathiwa: “Uyokwenza konke ngesifanekiso salokho owakuboniswa entabeni.” Kepha manje unikwe inkonzo enhle ngokwedlulele, njengalokhu engumxhumanisi wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu. Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala sasingenasici, bekungeke kufunwe isivumelwano sesibili. Kepha lapho ebasola, uthi kubo: “Niyabona, izinsuku ziyeza,” kusho iNkosi, “lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda, esingafani nesivumelwano engasenza nokhokho babo mhla ngibabamba ngesandla ngibakhipha eGibhithe; ngokuba abasigcinanga isivumelwano sami, nami angibanakanga,” kusho iNkosi. “Ngokuba yilesi isivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku,” kusho iNkosi: “ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo, ngiyilobe ezinhliziyweni zabo, ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami. Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo efundisa owakubo, nomunye efundisa umfowabo, ethi: ‘Yazi iNkosi.’ Ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabadala. Ngokuba ngiyakubahawukela nakuba bonile, ngingabe ngisazikhumbula nezono zabo.” Uma ethi: “Esisha,” kusho ukuthi esokuqala sesiphelelwe yisikhathi, ngakho-ke osekuphelelwe yisikhathi, futhi sekukudala, sekuseduze ukuba kushabalale.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHebheru 8:1-13

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo