KumaHeberu 8:1-13

KumaHeberu 8:1-13 ZUL59

Kepha okuyindikimba kwesikushoyo yilokhu: sinompristi omkhulu onjalo osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini, isikhonzi sokungcwele nesetabernakele* lempela elamiswa yiNkosi kungemuntu. Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu umiselwa ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo; ngakho-ke kuyadingeka ukuba naye lo abe nakho okuthile kokunikela. Ngokuba uma ebesemhlabeni, ubengayikuba ngumpristi nakanye, ngokuba bakhona abapristi abanikela ngeminikelo ngomthetho, bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengokuba uMose wayalwa esezakwenza itabernakele* ngokuthi: “Bheka, wokwenza konke ngesifanekiso owaboniswa sona entabeni,” kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu. Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala besingasoleki, bekungayikufunwa indawo yesibili. Ngokuba lapho ebasolayo, uthi kubo: “Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi, lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli, nendlu kaJuda, kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, ngokuba abahlalanga esivumelwaneni sami, nami angibanakanga, isho iNkosi. Ngokuba yilesi esiyisivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi: ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo, ngiyilobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami. Abasayikufundisa kube yilowo nalowo owakubo, nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi INkosi;’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo. Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo, nezono zabo angisayikuzikhumbula.” Ngokusho lokho ukuthi: “Esisha,” uthe esokuqala sigugile; kepha okugugayo osekukudala kuseduze nokunyamalala.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHeberu 8:1-13

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo