KumaHeberu 8:1-13

KumaHeberu 8:1-13 CZB24

Nansi-ke ingqikithi yalokhu esesikushilo: Sinompristi omkhulu onjalo ohlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini; Isikhonzi sendlu engcwele, nesetabernakele eliqinisileyo elamiswa yiNkosi, kungengamuntu. Ngoba wonke umphristi omkhulu umiselwa ukuthi anikele izipho lemihlatshelo; Ngoba uba ebesemhlabeni, ubengayikuba ngumphristi, lokhu bakhona abapristi abanikela izipho ngokomlayo; abakhonza isibonelo nethunzi lezinto zasezulwini, njengalokho uMose eyalwa nguNkulunkulu esezakwenza itabernakele, ngokuba wathi: “Bheka ukuba wenze zonke izinto ngokomfanekiso owaboniswa wona entabeni. Kodwa khathesi usezuze inkonzo enhle kakhulu, njengoba engumlamuleli wesivumelwano esingcono, esimiswe phezu kwezithembiso ezingcono. Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala besingenasici, bekungayikufunelwa indawo esesibili. Ngokuba ebasola, uthi: Bheka, izinsuku ziyeza, isho iNkosi, lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda. Hhayi njengesivumelwano engasenza nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe; ngokuba bengahlalanga esivumelwaneni sami, nami angibanaka,” usho uJehova. Ngokuba yilesi isivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi; Ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo, ngiyilobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami. Abayikufundisa, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi uJehova,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo. Ngokuba ngiyakuba nesihawu ngokungalungi kwabo, nezono zabo nobubi babo angisayikukukhumbula. Ngokuthi: Isivumelwano esitsha, usenze esokuqala siguge. Manje lokho okubolayo nokugugayo sekulungele ukunyamalala.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHeberu 8:1-13

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo