KumaHebheru 8

8
UKhristu Usenguye Umphristi Omkhulu Nasezulwini
1 Umongo walokhu esinitshela khona yilo: sinomphristi omkhulu onjalo, osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini, 2 uyisikhonzi sokungcwele nesethabanakeli lempela, elamiswa yiNkosi, hhayi umuntu.
3 Ngokuba yilowo nalowo mphristi omkhulu, ugcotshelwe ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo. Ngakho-ke kudingekile ukuba naye luqobo abe nakho okuthile azonikela ngakho. 4Ukuba ubesemhlabeni ubengeke abe ngumphristi nakanye, ngokuba bakhona abaphristi abanikela ngeminikelo ngokomthetho, 5 bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengalokhu wayalwa uMose esezakuqeda ukwenza ithabanakeli, kwathiwa: “Uyokwenza konke ngesifanekiso salokho owakuboniswa entabeni.”
6 Kepha manje unikwe inkonzo enhle ngokwedlulele, njengalokhu engumxhumanisi wesivumelwano esihle kakhulu, esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu.
Isivumelwano Esisha Sikhulu Kunesidala
7 Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala sasingenasici, bekungeke kufunwe isivumelwano sesibili. 8 Kepha lapho ebasola, uthi kubo:
“Niyabona, izinsuku ziyeza,” kusho iNkosi,
“lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha
nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda,
9 esingafani nesivumelwano
engasenza nokhokho babo
mhla ngibabamba ngesandla
ngibakhipha eGibhithe;
ngokuba abasigcinanga isivumelwano sami,
nami angibanakanga,” kusho iNkosi.
10 “Ngokuba yilesi isivumelwano
engiyakusenza nendlu ka-Israyeli
emva kwalezo zinsuku,” kusho iNkosi:
“ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo,
ngiyilobe ezinhliziyweni zabo,
ngiyoba nguNkulunkulu wabo,
bona babe ngabantu bami.
11 Abasayukufundisana, kube yilowo nalowo efundisa owakubo,
nomunye efundisa umfowabo, ethi:
‘Yazi iNkosi.’
Ngokuba bonke bayakungazi,
kusukela kwabancane kuya kwabadala.
12Ngokuba ngiyakubahawukela nakuba bonile,
ngingabe ngisazikhumbula nezono zabo.”
13 Uma ethi: “Esisha,” kusho ukuthi esokuqala sesiphelelwe yisikhathi, ngakho-ke osekuphelelwe yisikhathi, futhi sekukudala, sekuseduze ukuba kushabalale.

Okuqokiwe okwamanje:

KumaHebheru 8: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo