KumaHebheru 9

9
Umsebenzi Wobuphristi Wesivumelwano Esidala
1 Kanjalo nesivumelwano sokuqala sasinezimiso zenkonzo nendlu engcwele yasemhlabeni. 2 Ngokuba kwakhiwa ithabanakeli lokuqala okwakukhona kulo uthi lwezibani, itafula, nesinkwa sokubukwa; libizwa ngokuthi yiNdawo eNgcwele. 3 Emva kwesihenqo sesibili kwakukhona ithabanakeli okuthiwa ngelingcwelengcwele. 4 Kwakukhona kuyo i-althare legolide lempepho, kanye nomphongolo wesivumelwano owawuhuqwe ngegolide nxazonke, okwakukhona kuwo isitsha segolide esasiphethe imana, induku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano. 5 Phezu kwawo, kwakukhona amakherubhi enkazimulo engame isihlalo somusa, nokunye okungechazwe ngakunye njengamanje.
6 Uma konke sekuhleliwe, abaphristi bayangena njalo engxenyeni yokuqala engcwele ukuzokwenza imisebenzi yabo yokukhonza. 7 Kepha ngumphristi omkhulu kuphela ongena engxenyeni yesibili engcwelengcwele kanye ngonyaka, ephethe igazi lokuzonikelela yena uqobo, nangenxa yezono abantu abazenze ngokungazi nangokungaqondi. 8 Ngalokho uMoya oNgcwele usicacisela kahle ukuthi indlela eya endaweni engcwelengcwele ayikabonakaliswa, inqobo nje uma kusekhona ithabanakeli lokuqala. 9Ngokuba ingumfanekiso walesi sikhathi samanje, okulethwa ngaso iminikelo nemihlatshelo, engenakumenza okhonzayo abe nonembeza omsulwa. 10 Kepha iqondene nokudla, ukuphuza, nokugeza okunhlobonhlobo okuyizimiso zabantu, kuze kulethwe isikhathi senqubo entsha.
Umsebenzi KaKhristu Wobuphristi Obukhulu
11 Kepha manje uKhristu usefike waba ngumphristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula ithabanakeli elikhulu nelipheleleyo, elingenziwanga ngezandla, okusho ukuthi okungesilo elalokhu kudalwa; 12 wangena kwaba kanye kuphela endaweni engcwele, hhayi ngegazi lezimbuzi nelamathole, kodwa ngegazi lakhe, esezuzile ukuhlengwa okuphakade. 13 Ngokuba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole kufafaza labo abangcolileyo, kuhlambulula kuhlanzeke ngokwenyama, 14 kakhulu kangakanani igazi likaKhristu, okwathi ngoMoya ophakade wazinikela kuNkulunkulu engenasici, lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.
UKhristu Ungumlamuleli Wesivumelwano Esisha Ngegazi Lakhe
15 Ngalokho-ke ungumxhumanisi wesivumelwano esisha, ukuze kuthi ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala, ababiziweyo bazuze isithembiso sefa eliphakade.
16Ngokuba lapho kukhona isabiwo sefa, kufuneka ukuba kube nesiqiniseko sokuthi owasenzayo usefile, 17ngokuba isabiwo sefa sisebenza kuphela uma sekufiwe, asikwazi ukuba namandla nxa esekhona owasenzayo. 18Ngalokho-ke isivumelwano sokuqala asimiswanga ngaphandle kwegazi. 19 Ngokuba isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wathatha igazi lamathole, elezimbuzi, amanzi, uboya obubomvu nehisophi, wafafaza incwadi nabantu bonke, 20 ethi: “Lokhu kuyigazi lesivumelwano aniyale ngaso uNkulunkulu.”
21 Kanjalo wafafaza ithabanakeli nazo zonke izitsha zenkonzo ngegazi. 22 Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi, akukho ukuthethelelwa.
UKhristu Wanikelwa Kwaba Kanye Ukuthwala Izono
23Ngakho-ke kudingekile ukuba imifanekiso yokusezulwini ihlanzwe kanjalo, kodwa okusezulwini kufanele kuhlanzwe ngeminikelo engcono kunalena. 24 Ngokuba uKhristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela, kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu, 25 kungesikho futhi ukuba azinikele kaningi, njengalokhu umphristi omkhulu engena endaweni engcwele iminyaka ngeminyaka, ephethe igazi elingesilo elakhe. 26Kungenjalo wayemelwe ukuhlupheka ngokuphindiweyo selokhu kwasekelwa umhlaba, kepha manje ubonakaliswe kwaba kanye ekupheleleni kwezikhathi, ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe. 27 Njengokuba futhi kumisiwe ukuba abantu bafe kanye, emva kwalokho kube ngukwehlulelwa, 28 kanjalo noKhristu, wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili engenasono, kulabo abamlindele ngokulangazelela, kube ngukusindiswa.

Okuqokiwe okwamanje:

KumaHebheru 9: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo