KumaHebheru 11:1-6

KumaHebheru 11:1-6 ZUL20

Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo. Ngokuba okhokho bafakazelwa ngakho. Ngokukholwa, siqonda ukuthi umhlaba wadalwa ngezwi likaNkulunkulu, kwaze kwathi kulokho okungabonakaliyo kwavela okubonakalayo. Ngokukholwa, u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomnikelo owamukelekayo kunokaKhayini. Ngalokhu wathola ukunconywa ngokuthi ulungile, uNkulunkulu efakazela izipho zakhe. Nakuba esafa, usakhuluma nokho ngawo. Ngokukholwa, u-Enokhi wathathwa ukuze angaboni ukufa, akazange esafunyanwa, ngokuba uNkulunkulu wayemthabathile. Ngokuba engakathathwa wafakazelwa ukuthi wayemthokozisa uNkulunkulu, kodwa-ke ngaphandle kokukholwa, kulukhuni ukumthokozisa, ngokuba lowo ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi uyabavuza labo abamfunayo.