KumaHeberu 11:1-6

KumaHeberu 11:1-6 ZUL59

Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo. Ngokuba okhokho bafakazelwa ngakho. Ngokukholwa siqonda ukuthi izwe lonke ladatshulwa ngezwi likaNkulunkulu, kuze kuthi okubonwayo akuvelanga kokubonwayo. Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunoKayini, athola ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu uqobo efakaza ngezipho zakhe; nangakho usakhuluma, noma efile. Ngokukholwa u-Enoke wathathwa, ukuze angaboni ukufa, akabe esafunyanwa, ngokuba uNkulunkulu wayemthabathile. Ngokuba engakathathwa ufakazelwe ukuthi wayethokozisa uNkulunkulu; kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo