Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kungukuqiniseka ngezinto ezingabonwayo. Ngoba abadala bafakazelwa ngakho. Ngokukholwa siyaqonda ukuthi izwe ladatshulwa ngezwi likaNkulunkulu, ukuze okubonwayo kakuvelanga kokubonwayo. Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunokaKayini, afumana ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu efakaza ngezipho zakhe; Ngokukholwa u-Enoke wasuswa, ukuze angaboni ukufa; akafunyanwanga, ngokuba uNkulunkulu wayemthathile; Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.
Funda KumaHeberu 11
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KumaHeberu 11:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo