KumaHebheru 11

11
Amaqhawe Enkolo Esivumelwaneni Esidala
1 Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo. 2Ngokuba okhokho bafakazelwa ngakho.
3 Ngokukholwa, siqonda ukuthi umhlaba wadalwa ngezwi likaNkulunkulu, kwaze kwathi kulokho okungabonakaliyo kwavela okubonakalayo.
4 Ngokukholwa, u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomnikelo owamukelekayo kunokaKhayini. Ngalokhu wathola ukunconywa ngokuthi ulungile, uNkulunkulu efakazela izipho zakhe. Nakuba esafa, usakhuluma nokho ngawo.
5 Ngokukholwa, u-Enokhi wathathwa ukuze angaboni ukufa, akazange esafunyanwa, ngokuba uNkulunkulu wayemthabathile. Ngokuba engakathathwa wafakazelwa ukuthi wayemthokozisa uNkulunkulu, 6 kodwa-ke ngaphandle kokukholwa, kulukhuni ukumthokozisa, ngokuba lowo ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi uyabavuza labo abamfunayo.
7 Ngokukholwa, uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, ehlonipha uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, ngokwenza kanjalo wawehlulela umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.
8 Ngokukholwa, u-Abhrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa, ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona. 9 Ngokukholwa, waba ngumfokazi ezweni lesithembiso, izwe angalazi, ehlala emathendeni beno-Isaka noJakobe, ababeyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso, 10 ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omdwebimumo nomakhi wawo kunguNkulunkulu.
11 Ngokukholwa, naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa esedlulelwe yisikhathi, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo. 12 Ngakho-ke koyedwa, owayesefana nonjengosewafa, kwavela abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.
13 Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kodwa bezibonile, bazithakasela zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni. 14Ngokuba abasho kanjalo, babonakalisa ngokusobala ukuthi bafuna izwe lakubo. 15 Uma kambe bebecabanga ngalelo ababephuma kulo, bebeyakuba nethuba lokubuyela kulo. 16 Kepha manje balangazelela lelo elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngakho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngoNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.
17 Ngokukholwa, u-Abhrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yebo, yena owayemukele izithembiso, wanikela ngozelwe yedwa wakhe, 18 okwathiwa kuye: “Inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka,” 19wabona ukuthi uNkulunkulu unamandla okuvusa kwabafileyo; ngokungathekisa singathi wabuye wayithola indodana yakhe kungathi ivela kwabafileyo. 20 Ngokukholwa, u-Isaka wabusisa uJakobe no-Esawu ngezinto ezizayo.
21 Ngokukholwa, uJakobe esezokufa wabusisa yileyo naleyo yamadodana kaJosefa, wakhuleka eyeme esihlokweni sodondolo lwakhe.
22 Ngokukholwa, uJosefa esezakufa wakhuluma ngofuduko lwabantu bakwa-Israyeli, wayaleza nangamathambo akhe.
23 Ngokukholwa, uMose esezelwe wafihlwa ngabazali bakhe izinyanga ezintathu, ngokuba bembona engumntwana omuhle; abawesabanga umyalo wenkosi.
24 Ngokukholwa, uMose esekhulile wenqaba ukubizwa ngendodana yendodakazi kaFaro, 25 kunalokho wakhetha ukuphathwa kabi kanye nabantu bakaNkulunkulu kunokuba athokoze okwesikhashana esonweni, 26 wabona ukuthi ukuthukwa ngenxa kaKhristu kuyinzuzo enkulu kunengcebo yaseGibhithe, ngokuba wayebheke umklomelo. 27 Ngokukholwa, washiya iGibhithe akaze alushaya nto yalutho ulaka lwenkosi, ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo. 28 Ngokukholwa, wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi, ukuze umbhubhisi angawathinti amazibulo abo.
29 Ngokukholwa, badabula uLwandle Olubomvu kungathi bahamba emhlabathini owomileyo, okwathi lapho abaseGibhithe bezama ukuwela, baminza.
30 Ngokukholwa, zawa izingange eJerikho emva kokuzungezwa izinsuku eziyisikhombisa.
31 Ngokukholwa, uRahabi isifebe, akabhubhanga nalabo ababengalalelanga, ngokuba wemukela izinhloli ngokuthula.
32 Ngingabuye ngithini ngokukholwa na? Ngingaphelelwa yisikhathi uma ngingaqhubeka ngilande ngoGideyoni, uBharaki, uSamsoni, uJeftha; ngoDavide noSamuweli nangabaphrofethi, 33 okwathi ngokukholwa, banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama, 34 bacima amandla omlilo, baphunyuka enkembeni, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe. 35 Abesifazane babuyiselwa abakubo ababefile sebevusiwe, 36 abanye balingwa, bajivazwa, bashaywa; yebo, baboshwa, bafakwa ejele. 37 Bakhandwa ngamatshe, banqunywa ngamasaha, babulawa ngenkemba, bazulazula bembethe izikhumba zezimvu nezezimbuzi, beswele, behlushwa, bephathwa kabi; 38 izwe lalingabafanele, bahamba emahlane, ezintabeni, emihumeni nasemigedeni yomhlaba.
39Bonke labo babenconyiwe ngokukholwa, nokho abasizuzanga isithembiso, 40 ngokuba uNkulunkulu wayesibonele okuhle kunalokho, ukuze bangapheleliswa ngaphandle kwethu.

Okuqokiwe okwamanje:

KumaHebheru 11: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo