KumaHebheru 12

12
Ukubekezela Ezinhluphekweni
1 Ngakho-ke nathi, njengalokhu sinefu elingaka lawofakazi abasihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo, 2 sibhekile kuJesu ongumqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo, wathwala isiphambano engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. 3 Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali nidangale emiphefumulweni yenu.
4 Anikamelani nezono, nilwe kuze kube segazini. 5 Senikhohliwe yini ukugqugquzela aniyala ngakho nina eningabantwana, ethi:
“Ndodana yami,
ungakwedeleli ukuyala kweNkosi,
ungadangali nxa Yona ikusola;
6ngokuba iNkosi iyamyala emthandayo,
ishaye leyo naleyo ndodana eyamukelayo.”
7 Bekezelani nxa niyalwa; uNkulunkulu uniphathisa okwabantwana, ngokuba yiyiphi indodana uyise angayiyaliyo na? 8 Kepha uma nina ningayalwa, njengalokhu kwenziwa kanjalo kubo bonke, khona-ke ningamavezandlebe, anisiwo amadodana. 9 Futhi-ke sasinobaba bethu begazi ababesiyala, futhi sibahlonipha. Pho singemthobele ngani kakhulu uYise wawomoya kunobaba, siphile na? 10Bona babesiyala okwesikhashana njengokubona kwabo, kodwa Yena usiyala ukuze sisizakale, sithole ukuhlanganyela ebungcweleni bakhe. 11 Ukuyala konke esikhathini samanje akusiyo into emnandi, kodwa kubuhlungu, ekugcineni kuyabathelela isithelo sokuthula nokulunga labo abaqeqeshwe yikho.
Qinisani Izandla Ezibuthakathaka Namadolo Axegayo
12 Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo. 13 Nizenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo ukuze okuqhugayo kungaphinyizeki, kunalokho kuphiliswe.
14 Phokophelelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho akasoze ayibone iNkosi. 15 Qaphelisisani ukuba kungabi bikho osilelayo emseni kaNkulunkulu, funa kumile impande yimbe ebabayo, inidunge, abaningi bangcole ngenxa yayo. 16 Makungabi bikho muntu oxegelwa yisimilo, kumbe odumazayo njengo-Esawu owathengisa ngobuzibulo bakhe ngesidlo esisodwa nje. 17 Niyazi ukuthi kamuva esethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, akabe esalithola ithuba lokuphenduka, nakuba esekufunisisa ngezinyembezi.
18 Ngokuba anizanga entabeni ethintekayo nevutha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini, 19nasekukhaleni kwecilongo, nasekuzwakaleni kwamazwi, abathe ukukuzwa, bancenga ukuba kungabe kusakhulunywa izwi kubo, 20 ngokuba babengenakukuthwala lokho abayalwa ngakho kokuthi: “Ngisho nesilwane, uma sithinta intaba, siyakukhandwa ngamatshe.”
21 Yebo, umbono wesabeka kangaka, waze wathi uMose: “Nginovalo olukhulu, ngiyathuthumela.”
22 Kepha nize entabeni iZiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, izigidigidi zezingelosi embuthanweni womkhosi, 23 nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, uMehluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo, 24 nakuJesu, umxhumanisi wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.
25 Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na? 26 Ozwi lakhe lanyakazisa umhlaba ngaleso sikhathi, kodwa manje wethembisile, wathi: “Ngisazophinda ngizamazamise, hhayi umhlaba kuphela, kodwa nezulu ngokunjalo.”
27 Lokhu ukuthi: “Ngisazophinda,” kutshengisa ukususwa kwezinto ezinyakaziswayo, okungukuthi izinto ezidaliweyo, ukuze lokho okungazanyazanyiswanga kume. 28 Ngakho-ke njengalokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibambelele emseni, simkhonze uNkulunkulu ngendlela efaneleyo; ngokumthokozisa, ngokumhlonipha nangokuthuthumela, 29 ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.

Okuqokiwe okwamanje:

KumaHebheru 12: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume