KwabaseGalathiya 1:11-19

KwabaseGalathiya 1:11-19 ZUL20

Ngokuba ngiyanazisa, bazalwane, ukuthi ivangeli elishunyayelwe yimi akusilo elivela kubantu. Nami angilemukeliswanga ngumuntu, futhi angilifundiswanga, kodwa ngalemukela ngokwambulelwa nguJesu Khristu. Phela nizwile ngenkambo yami yakuqala ebuJudeni, ukuthi ngalihlupha kakhulu kangakanani ibandla likaNkulunkulu, ngilichitha. Ngangilishoshozela ebuJudeni, elidlula abaningi kontanga nasesizweni sakithi, ngiwashisekela kakhulu kunabo amasiko okhokho bami. Kepha ngomhla okwaba kuhle ngawo kuNkulunkulu owangehlukanisela ngisesesibelethweni sikamame, wangibiza ngomusa wakhe, ukuba iNdodana yakhe ayambule kimi, ukuze ngishumayele ivangeli lakhe kwabezizwe, angizange ngibuze muntu ngaleso sikhathi. Angenyukelanga ngisho naseJerusalema kubaphostoli ababephambi kwami, kodwa ngaya e-Arabhiya ngase ngibuyela eDamaseku. Kwathi emva kweminyaka emithathu, ngakhuphukela eJerusalema ukuze ngiyobonana noKhefase futhi ngazane naye. Ngahlala naye izinsuku ezili-15. Angibabonanga abanye abaphostoli ngaphandle kukaJakobe umnewabo weNkosi.