Kepha ngiyanazisa, bazalwane, ukuthi ivangeli elashunyayelwa yimina aliveli kubantu. Ngokuba nami angilamukelanga kumuntu, futhi angilifundiswanga, kodwa ngokwambulelwa nguJesu Kristu. Ngokuba nizwile ngokuziphatha kwami kwakudala enkolweni yamaJuda, ukuthi ngangizingela ngokungenakulinganiswa ibandla likaNkulunkulu, ngilichitha; futhi enkolweni yobuJuda ngadlula abaningi abayintanga yami esizweni sakithi, ngishisekela kakhulu amasiko awobaba. Kodwa kwathi kukuhle kuNkulunkulu, owangahlukanisa kwasesiswini sikamame, wangibiza ngomusa wakhe; ukwembula iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe; masinyane angibuzanga lutho ngenyama negazi. Angenyukelanga futhi eJerusalema kubo ababengabaphostoli ngaphambi kwami; kepha ngaya e-Arabiya, ngabuye ngabuyela eDamaseku. Kwathi emva kweminyaka emithathu ngenyukela eJerusalema ukubona uPetru, ngahlala naye izinsuku eziyishumi nanhlanu. Kodwa kangibonanga omunye wabaphostoli, kuphela uJakobe umfowabo weNkosi.
Funda KwabaseGalathiya 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseGalathiya 1:11-19
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo