KwabaseGalathiya 1:11-19
KwabaseGalathiya 1:11-19 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha ngiyanazisa, bazalwane, ukuthi ivangeli elashunyayelwa yimina aliveli kubantu. Ngokuba nami angilamukelanga kumuntu, futhi angilifundiswanga, kodwa ngokwambulelwa nguJesu Kristu. Ngokuba nizwile ngokuziphatha kwami kwakudala enkolweni yamaJuda, ukuthi ngangizingela ngokungenakulinganiswa ibandla likaNkulunkulu, ngilichitha; futhi enkolweni yobuJuda ngadlula abaningi abayintanga yami esizweni sakithi, ngishisekela kakhulu amasiko awobaba. Kodwa kwathi kukuhle kuNkulunkulu, owangahlukanisa kwasesiswini sikamame, wangibiza ngomusa wakhe; ukwembula iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe; masinyane angibuzanga lutho ngenyama negazi. Angenyukelanga futhi eJerusalema kubo ababengabaphostoli ngaphambi kwami; kepha ngaya e-Arabiya, ngabuye ngabuyela eDamaseku. Kwathi emva kweminyaka emithathu ngenyukela eJerusalema ukubona uPetru, ngahlala naye izinsuku eziyishumi nanhlanu. Kodwa kangibonanga omunye wabaphostoli, kuphela uJakobe umfowabo weNkosi.
KwabaseGalathiya 1:11-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba ngiyanazisa, bazalwane, ukuthi ivangeli elishunyayelwe yimi akusilo elivela kubantu. Nami angilemukeliswanga ngumuntu, futhi angilifundiswanga, kodwa ngalemukela ngokwambulelwa nguJesu Khristu. Phela nizwile ngenkambo yami yakuqala ebuJudeni, ukuthi ngalihlupha kakhulu kangakanani ibandla likaNkulunkulu, ngilichitha. Ngangilishoshozela ebuJudeni, elidlula abaningi kontanga nasesizweni sakithi, ngiwashisekela kakhulu kunabo amasiko okhokho bami. Kepha ngomhla okwaba kuhle ngawo kuNkulunkulu owangehlukanisela ngisesesibelethweni sikamame, wangibiza ngomusa wakhe, ukuba iNdodana yakhe ayambule kimi, ukuze ngishumayele ivangeli lakhe kwabezizwe, angizange ngibuze muntu ngaleso sikhathi. Angenyukelanga ngisho naseJerusalema kubaphostoli ababephambi kwami, kodwa ngaya e-Arabhiya ngase ngibuyela eDamaseku. Kwathi emva kweminyaka emithathu, ngakhuphukela eJerusalema ukuze ngiyobonana noKhefase futhi ngazane naye. Ngahlala naye izinsuku ezili-15. Angibabonanga abanye abaphostoli ngaphandle kukaJakobe umnewabo weNkosi.
KwabaseGalathiya 1:11-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba ngiyanazisa, bazalwane, ukuba ivangeli elishunyayelwe yimina alisilo elingokwabantu. Ngokuba nami angilamukeliswanga ngumuntu, futhi angilifundiswanga, kepha ngilithole ngokwambulelwa nguJesu Kristu. Nizwile phela lokhu ngenkambo yami yakuqala ebuJudeni ukuthi ngalizingela kakhulu ibandla likaNkulunkulu, ngalichitha, futhi ebuJudeni ngabadlula abaningi abayintanga yami kwabakithi, ngishisekela kakhulu kunabo amasiko awokhokho. Kepha-ke mhla kwaba kuhle kuNkulunkulu owangahlukanisela kwasesiswini sikamame, wangibiza ngomusa wakhe ukuba ayambule iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe, khona lapho angibuzananga nenyama negazi, futhi angenyukelanga eJerusalema kubona ababe ngabaphostoli ngaphambi kwami, kodwa ngamuka ngaya e-Arabiya, ngaphinda ngabuyela eDamaseku. Kwathi emva kweminyaka emithathu ngenyukela eJerusalema ukubona uKhefase; ngahlala kuye izinsuku eziyishumi nanhlanu. Kepha angibonanga omunye wabaphostoli, kuphela uJakobe umnawe weNkosi.
KwabaseGalathiya 1:11-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)