I-Eksodusi 33:7-9

I-Eksodusi 33:7-9 ZUL20

UMose wayevame ukuthatha ithende alimise ngaphandle kwenkambu, buqamama nayo, walibiza ngokuthi yithende lokuhlangana. Yilowo nalowo owayenodaba afuna ukuzwa ngalo kuSimakade, wayehamba aye ethendeni lokuhlangana elalingaphandle kwenkambu. Noma nini lapho uMose eya ethendeni, bonke abantu babesukuma, kube yilowo nalowo ame ngasemnyango wethende lakhe, bambuke uMose aze ayongena ethendeni. Lapho uMose engena ethendeni, kwakwehla insika yefu ime emnyango wethende, bese uSimakade ekhuluma noMose.