UEksodusi 33:7-9

UEksodusi 33:7-9 CZB24

UMose walithatha itabernakele, walimisa ngaphandle kwekamu, kude nekamu, walibiza ngokuthi itende lokuhlangana. Bonke ababeyifuna iNkosi baphuma, baya etendeni lokuhlangana elalingaphandle kwekamu. Lapho uMose ephuma eya etabernakele, bonke abantu basukuma, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe babheka uMose waze wangena etabernakele. Kwathi uMose engena etendeni, insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetabernakele; uJehova wakhuluma kuMose.