UMose wayevama ukulithatha itende, walimisa ngaphandle kwekamu,* libe kude nekamu, walibiza ngokuthi itende lokuhlangana. Kwathi bonke abamfunayo uJehova baphuma, baya etendeni lokuhlangana elalingaphandle kwekamu. Kwathi uMose ephuma eya etendeni, bonke abantu basukuma bema, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe, bambuka uMose waze wangena etendeni. Kwathi uMose engena etendeni, insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetende; uJehova wakhuluma noMose.
Funda U-Eksodusi 33
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Eksodusi 33:7-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo