I-Eksodusi 33

33
Abantu Basuka ESinayi
1 USimakade wathi kuMose: “Hamba, suka kule ndawo, wena nabantu owabakhipha eGibhithe, niye ezweni engafunga ngalo ku-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe, ngathi: ‘Ngiyolinika izizukulwane zakho.’ 2 Ngizothuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, ama-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi. 3 Khuphukani niye ezweni elichichima ubisi noju, kodwa Mina ngeke ngibe phakathi kwenu, ngokuba ningabantu abantamo lukhuni, funa nginiqede nya endleleni.”
4 Kwathi ukuba abantu bezwe leyo ndaba embi, bakhala, akwaba bikho muntu owahloba ngobucwebecwebe bakhe. 5 Ngokuba uSimakade wayethe kuMose: “Shono kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ningabantu abantamo lukhuni, uma nje ngingakhuphuka nani umzuzu ube munye, ngiyoniqothula nya. Ngakho-ke khumulani imvunulo yenu ukuze nginqume ukuthi ngizonenzenjani.’ ”
6Abantu bakwa-Israyeli bayihlubula imvunulo yabo kusukela entabeni yaseHorebhe.
Ithende Lokuhlangana
7 UMose wayevame ukuthatha ithende alimise ngaphandle kwenkambu, buqamama nayo, walibiza ngokuthi yithende lokuhlangana. Yilowo nalowo owayenodaba afuna ukuzwa ngalo kuSimakade, wayehamba aye ethendeni lokuhlangana elalingaphandle kwenkambu. 8Noma nini lapho uMose eya ethendeni, bonke abantu babesukuma, kube yilowo nalowo ame ngasemnyango wethende lakhe, bambuke uMose aze ayongena ethendeni. 9 Lapho uMose engena ethendeni, kwakwehla insika yefu ime emnyango wethende, bese uSimakade ekhuluma noMose. 10Lapho bonke abantu bebona insika yefu imi ngasemnyango wethende, bonke babesukuma, bakhothame, yilowo nalowo ngasemnyango wethende lakhe. 11 USimakade wakhuluma kanjalo noMose ubuso nobuso, njengomuntu ezikhulumela nomngani wakhe.
Wabuyela enkanjini, kodwa inceku yakhe, insizwa enguJoshuwa indodana kaNuni, ayiphumanga ethendeni.
UMose Ucela Ukubona Inkazimulo KaSimakade
12 UMose wathi kuSimakade: “Bheka, uthe kimi: ‘Khuphula laba bantu,’ kodwa awungitshelanga ukuthi ngubani oyakumthuma nami. Uthe: ‘Ngiyakwazi ngegama, futhi ufumene umusa emehlweni ami.’ 13 Ngakho-ke uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ungibonise izindlela zakho ukuba ngikwazi, ngifumane umusa emehlweni akho. Khumbula futhi ukuthi lesi sizwe singabantu bakho.”
14 USimakade wathi: “Ngizohamba nawe Mina uqobo, futhi ngiyakukuphumuza.”
15 UMose wathi kuye: “Uma Wena uqobo ungahambi nathi, ungasikhuphuli lapha. 16 Kuyokwaziwa kanjani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, mina nabantu bakho, uma ungahambi nathi na? Akusikhona yini ukuhamba nathi okuzokwenza ukuthi mina nabantu bakho sehluke kubo bonke abanye abantu abasemhlabeni na?”
17 USimakade wathi kuMose: “Ngizokwenza nalokho okucelileyo, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami, futhi ngikwazi ngegama.”
18 UMose wathi: “Ngiyakuncenga, ake ungibonise inkazimulo yakho.”
19 USimakade wathi: “Ngiyakudlulisa phambi kwakho bonke ubuhle bami, ngimemeze phambi kwakho igama likaSimakade, ngibe nomusa kulowo engithanda ukuba nomusa kuye, nesihe kulowo engithanda ukuba nesihe kuye.”
20 Wathi: “Awunakububona ubuso bami, ngokuba akukho muntu ongangibona qede aphile.”
21 USimakade wathi: “Bheka, nansi indawo ngakimi, uyokuma edwaleni. 22 Kuyokuthi lapho yedlula inkazimulo yami, ngikufake emfantwini wedwala, ngikusithe ngesandla sami ngize ngidlule. 23Bese ngisisusa isandla sami, ubone umhlane wami, kodwa ubuso bami abuyukubonwa.”

Okuqokiwe okwamanje:

I-Eksodusi 33: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo