Kuyokwaziwa kanjani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, mina nabantu bakho, uma ungahambi nathi na? Akusikhona yini ukuhamba nathi okuzokwenza ukuthi mina nabantu bakho sehluke kubo bonke abanye abantu abasemhlabeni na?”
USimakade wathi kuMose: “Ngizokwenza nalokho okucelileyo, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami, futhi ngikwazi ngegama.”