I-Eksodusi 34

34
UMose Ubuyela ESinayi
Izibhebhe Ezintsha Zamatshe
(IDut. 10:1-5)
1 USimakade wathi kuMose: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe zifane nezokuqala. Ngizobhala kuzo amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazephulayo. 2 Zilungiselele ukuba ekuseni kusasa ukhuphukele entabeni iSinayi, uzibonakalise khona phambi kwami esiqongweni sentaba. 3 Akuyukukhuphuka muntu nawe, futhi makungabonakali muntu entabeni yonke, kungaklabi ngisho izimvu, izimbuzi nezinkomo phambi kwaleyo ntaba.”
4 UMose wabaza izibhebhe ezimbili zamatshe zafana nezokuqala, wavuka ekuseni ngovivi, wakhuphukela entabeni iSinayi njengoba uSimakade ayemyalile, ephethe izibhebhe ezimbili zamatshe.
5 USimakade wehla ngefu, wama naye lapho, wamemezela igama likaSimakade. 6 USimakade wadlula phambi kwakhe, wamemezela wathi: “USimakade! USimakade! UNkulunkulu onesihe nomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene nokwethembeka, 7 ogcina umusa kubo abayizinkulungwane, athethelele ububi neziphambeko nezono, nokho ongayukumyeka engamjezisanga onecala, ohambela ububi babazali kubantwana, nakubantwana babantwana, kuze kube yisizukulwane sesithathu nesesine.”
8UMose washeshe wakhothamela emhlabathini, wakhuleka. 9 Wathi: “Ngiyakuncenga, Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, uSimakade makahambe nathi, nakuba laba bantu bengontamolukhuni. Sixolele ububi bethu, nezono zethu, usithathe sibe yifa lakho.”
Ukuvuselelwa Kwesivumelwano
(I-Eks. 23:14-19; IDut. 7:1-5; 16:1-7)
10 Wathi kuMose: “Bheka, ngenza isivumelwano phambi kwabo bonke abantu bakho. Ngiyokwenza izimangaliso phambi kwabo bonke abantu bakho, ezingakaze zenziwe emhlabeni wonke, naphakathi kwezizwe zonke. Bonke abantu enihlala phakathi kwabo bayokuwubona umsebenzi kaSimakade, ngokuba kuyinto eyesabekayo lokhu engizokwenza ngawe. 11 Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla. Uyabona-ke, ngizowaxosha phambi kwakho ama-Amori, amaKhanani, amaHithi, amaPherizi, amaHivi namaJebusi. 12 Qikelela ukuba ungenzi isivumelwano nabantu bezwe oya kulo, funa babe lugibe kuwe. 13 Kepha niyobhidliza ama-althare abo, niphihlize izinsika zabo, nigawule o-Ashera babo. 14 Ngokuba aniyukukhonza omunye unkulunkulu, lokhu uSimakade, ogama lakhe linguMhawu, unguNkulunkulu onomhawu. 15 Awuyukwenza isivumelwano nabantu balelo lizwe. Kuyothi lapho bephinga nonkulunkulu babo, bebahlabela imihlatshelo, omunye kubo akumeme, bese udla umhlatshelo wakhe; 16 uthathele amadodana akho amadodakazi abo aphinga nonkulunkulu babo, bese enza ukuba amadodana akho aphinge nonkulunkulu babo.
17 “Awuyukuzenzela onkulunkulu ababunjiweyo.
18 “Uyowugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo. Uyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa njengoba ngakuyala, ngesikhathi esimisiweyo ngenyanga u-Abibi, ngokuba ngale nyanga waphuma eGibhithe.
19 “Wonke amazibulo angawami, ngisho namazibulo amaduna emfuyweni yakho, namazibulo ezinkomo zakho nezimvu zakho.
20 “Izibulo lembongolo uyolihlenga ngewundlu; uma ungalihlengi, uyolephula intamo. Wonke amazibulo emadodaneni akho uyowahlenga. Akuyukuza muntu phambi kwami engaphethe lutho.
21 “Uyosebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa. Uyophumula ngisho nangesikhathi sokulima nesokuvuna.
22 “Uyowugcina umkhosi wamaviki, owolibo lukakolo ovuniweyo, nomkhosi wokuvuna ekupheleni konyaka. 23 Bonke abesilisa bayobonakala kathathu ngonyaka phambi kweNkosi uSimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli. 24Ngokuba ngiyozixosha izizwe phambi kwakho, ngandise imingcele yakho, akukho muntu oyonxanela izwe lakho lapho ukhuphuka ukuyobonakala kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho.
25 “Awuyukunikela ngegazi lomhlatshelo wami nesinkwa esinemvubelo. Umhlatshelo womkhosi wephasika awuyukuhlala kuze kuse.
26 “Uyoletha endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho isivuno sakho sokuqala.
“Awuyukulipheka izinyane lembuzi ngobisi lukanina.”
27 USimakade wathi kuMose: “Zibhalele lawa mazwi, ngokuba ngalawa mazwi ngenzile isivumelwano nawe no-Israyeli.”
28 Wahlala lapho noSimakade izinsuku ezingama-40, nobusuku obungama-40, akadlanga lutho, futhi akaphuzanga manzi. Wabhala ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo elishumi.
Inkazimulo Ebusweni BukaMose
29 Ngesikhathi uMose ehla entabeni iSinayi ephethe izibhebhe ezimbili zobufakazi esandleni sakhe, wayengazi ukuthi isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula, ngokuba wayekade ekhuluma noSimakade. 30Lapho u-Aroni nabo bonke abantu bakwa-Israyeli bembona uMose, isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula, ngakho-ke besaba ukusondela kuye. 31 Kepha uMose wababiza, u-Aroni nabo bonke abaholi bakwa-Israyeli, beza kuye, wakhuluma nabo. 32Sekwedlule lokho, bonke abantu bakwa-Israyeli basondela, wayesebayala ngakho konke uSimakade ayekukhulume kuye entabeni iSinayi.
33 UMose eseqedile ukukhuluma nabo, wamboza ubuso bakhe ngemvakazi. 34 Kodwa lapho uMose eya phambi kukaSimakade eyokhuluma naye wayeyisusa imvakazi, aze aphume. Uma esephumile wayekhuluma kubantu bakwa-Israyeli lokho ayekuyaliwe. 35Abakwa-Israyeli babubona ubuso bukaMose ukuthi isikhumba sabo siyakhazimula; uMose wayebumboza ngemvakazi aze ayisuse uma eseyokhuluma noSimakade.

Okuqokiwe okwamanje:

I-Eksodusi 34: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo