I-Eksodusi 35

35
Imithetho YeSabatha
1UMose walihlanganisa lonke ibandla lakwa-Israyeli, wathi kulo: “Yilokhu uSimakade aniyala ngakho ukuba nikwenze: 2 niyosebenza izinsuku eziyisithupha, kodwa ngosuku lwesikhombisa niyokuba neSabatha likaSimakade elingcwele lokuphumula, yilowo nalowo owenza umsebenzi ngalo uyobulawa. 3 Aniyukuwubasa umlilo emakhaya enu ngosuku lwesabatha.”
Umnikelo Wokwakhiwa Kwethabanakeli
4UMose wathi kuyo yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli: “Yilokhu uSimakade ayale ngakho, ethi: 5 thathani phakathi kwenu umnikelo ube ngokaSimakade, bonke abanenhliziyo ethandayo mabanikele kuSimakade: ngegolide, ngesiliva, ngethusi; 6ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, ngelineni elicolekileyo, ngoboya bezimbuzi; 7ngezikhumba zezinqama ezidaywe zabomvu, ngezikhumba zamahlengethwa, ngokhuni lomkhambathi, 8ngamafutha okukhanyisa izibani, ngezinongo zamafutha okugcoba nezempepho, 9nangamatshe ama-oniksi namanye aligugu ukuze afakwe engutsheni yamahlombe nasesivikelweni sesifuba.
10“Bonke abanekhono phakathi kwenu bayokuza bezokwenza konke uSimakade ayale ukuba kwenziwe: 11 ithabanakeli, ithende lalo, nokokulifulela, izinkintsho zalo, amapulangwe alo, amabhaluko alo, izinsika zalo nezisekelo zalo; 12umphongolo nezingongolo zawo, isihlalo somusa, namakhethini okuhenqa; 13 itafula nezinti zalo, nazo zonke izitsha zalo, nesinkwa soBukhona bakhe; 14uthi lwesibani sokukhanyisa, izitsha zalo, izibani zalo, amafutha okukhanyisa, 15i-althare lempepho nezingongolo zalo, amafutha okugcoba, impepho enuka kamnandi, isihenqo somnyango wokungena ethabanakeli; 16i-althare lomnikelo wokushiswa, ithusi elinanyatheliselwe kulo nezingongolo zalo, nazo zonke izitsha zalo, nomcengezi nesinqe sawo, 17amakhethini egceke, izinsika zalo, izisekelo zalo, ikhethini lasesangweni legceke, 18izikhonkwane zethabanakeli, ezegceke, izintambo zazo, 19 izingubo ezifekethisiweyo zokukhonza endaweni engcwele, izingubo ezingcwele zika-Aroni umphristi, nezamadodana akhe zokukhonza bengabaphristi.”
20Inhlangano yonke yabantu bakwa-Israyeli yayisisuka phambi kukaMose. 21 Bafika bonke labo ababenezinhliziyo ezithintekileyo, benentshisekelo emoyeni wabo. Baletha kuSimakade umnikelo owawuzosetshenziswa ethendeni lokuhlangana, nakuyo yonke eminye imisebenzi yalo, nokuthunga izingubo ezingcwele. 22Beza abesilisa nabesifazane, bonke ababenezinhliziyo ezazinentshisekelo, baletha amacici, nalawo asemakhaleni, izindandatho, amasongo, nazo zonke izinto zegolide, bonke banikela kuSimakade ngomnikelo wegolide. 23Bonke okwatholakala kubo okuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu, ilineni elicolekileyo, uboya bezimbuzi, izikhumba zezinqama ezidaywe zabomvu, nezikhumba zamahlengethwa, lokho bakuletha. 24Bonke abanikela ngomnikelo wesiliva nowethusi bakuletha kwaba ngumnikelo kuSimakade, nabo bonke okwafunyanwa kubo izingodo zokhuni lomkhambathi ezazingenza lowo msebenzi, baziletha. 25Bonke abesifazane ababenekhono, baphotha ngezandla zabo, base beletha lokho ababekuphothile okuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu, nelineni elicolekileyo. 26Bonke abesifazane ababethintekile ezinhliziyweni, baphotha uboya bezimbuzi. 27Abaholi baletha amatshe e-oniksi, amatshe engubo yamahlombe aligugu, awesivikelo sesifuba, 28amakha, amafutha okukhanyisa nawokugcoba, nempepho enamakha amnandi. 29Bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, baletha ngokukhululeka noma yini ukuze kwenzeke umsebenzi uSimakade ayemyalile uMose ukuba wenziwe, bakuletha kuSimakade njengomnikelo wesihle.
Izisebenzi Zokwakha Ithende Lokuhlangana
30 UMose wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Bhekani, uSimakade umbize ngegama uBhezaleli indodana ka-Uri, kaHuri, wesizwe sakwaJuda. 31Umgcwalise ngoMoya kaNkulunkulu, wamupha ikhono, ukuqonda, ulwazi lwanoma yiluphi uhlobo lomsebenzi wezandla, 32ukuba enze imisebenzi yobungcweti, asebenzise igolide, isiliva nethusi, 33aqophe amatshe okuhlobisa, abaze ukhuni, nokuba enze yonke imisebenzi yobungcweti. 34USimakade umphile yena no-Oholiyabhe indodana ka-Ahisamakhi, wesizwe sakwa-Dani ikhono lokufundisa. 35Ubagcwalise ngokuhlakanipha ukuba benze yonke imisebenzi eyenziwa ngumqophi, ingcweti, nomfekethisi, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwezane, ngokubomvu, nangelineni elicolekileyo, nemisebenzi yomaluki, eyalabo abenza noma yimuphi umsebenzi, nabenza imisebenzi yobungcweti.

Okuqokiwe okwamanje:

I-Eksodusi 35: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo