Kwabase-Efesu 5:28-32

Kwabase-Efesu 5:28-32 ZUL20

Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. Ngokuba akekho umuntu owake wazonda umzimba wakhe, kunalokho uyawondla, awuphathe kahle, njengalokhu noKhristu enza kulo ibandla, ngokuba singamalungu omzimba wakhe. Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye. Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKhristu nebandla.