Kwabase-Efesu 5:28-32
Kwabase-Efesu 5:28-32 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama; kodwa uyayondla futhi ayinakekele, njengoba nje neNkosi ibandla. Ngokuba singamalungu omzimba wakhe, awenyama yakhe, singamathambo akhe. Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo, futhi labo ababili bayakuba nyamanye. Le yimfihlakalo enkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.
Kwabase-Efesu 5:28-32 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. Ngokuba akekho umuntu owake wazonda umzimba wakhe, kunalokho uyawondla, awuphathe kahle, njengalokhu noKhristu enza kulo ibandla, ngokuba singamalungu omzimba wakhe. Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye. Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKhristu nebandla.
Kwabase-Efesu 5:28-32 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama, kepha uyayondla, ayiphathe kahle, njengalokhu noKristu enza kulo ibandla; ngokuba singamalungu omzimba wakhe. Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye. Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.
Kwabase-Efesu 5:28-32 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)