Kwabase-Efesu 5:28-32

Kwabase-Efesu 5:28-32 ZULUNT

Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama; kodwa uyayondla futhi ayinakekele, njengoba nje neNkosi ibandla. Ngokuba singamalungu omzimba wakhe, awenyama yakhe, singamathambo akhe. Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo, futhi labo ababili bayakuba nyamanye. Le yimfihlakalo enkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.