Kwabase-Efesu 5:28-32

Kwabase-Efesu 5:28-32 ZUL59

Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama, kepha uyayondla, ayiphathe kahle, njengalokhu noKristu enza kulo ibandla; ngokuba singamalungu omzimba wakhe. Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye. Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla.