UMshumayeli 1:9-11

UMshumayeli 1:9-11 ZUL20

Okwake kwaba khona, kuyobuye kube khona, nokwake kwenziwa kuyobuye kwenziwe. Ayikho into entsha phansi komthunzi welanga. Ikhona yini into okuthiwa ngayo: “Bheka, lokhu kusha?” Empeleni seyake yaba khona emandulo, singakabi bikho. Akukho ukukhunjulwa kwezinto esezedlule, nokwalezo ezisayokwenziwa yilabo abalandelayo.