UMshumayeli 1

1
Konke Kuyize Leze
1Amazwi oMshumayeli, indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema.
UMshumayeli:
2 “Ize leze,”
kusho uMshumayeli,
“ize leze,
konke kuyize!”
3 Uzuzani umuntu ngawo wonke
umshikashika wakhe
awushikashika phansi komthunzi welanga na?
4 Isizukulwane siyafika, sedlule,
kodwa umhlaba umi ingunaphakade.
5 Ilanga liyaphuma, lishone,
lisheshe liye endaweni yalo
lapho liphuma khona.
6 Umoya uvunguza uye eningizimu,
uphendukele enyakatho, uphenduphenduke,
ubuyele lapho uqale khona.
7Yonke imifula igelezela olwandle,
kodwa ulwandle alugcwali;
lapho imifula ike yageleza khona,
isayophinde futhi igeleze khona.
8 Zonke izinto ziyakhandla,
umuntu angezichaze.
Iso alideli ngokubona,
nendlebe ayigcwali ngokuzwa.
9 Okwake kwaba khona, kuyobuye kube khona,
nokwake kwenziwa kuyobuye kwenziwe.
Ayikho into entsha phansi komthunzi welanga.
10Ikhona yini into okuthiwa ngayo:
“Bheka, lokhu kusha?”
Empeleni seyake yaba khona emandulo,
singakabi bikho.
11Akukho ukukhunjulwa kwezinto esezedlule,
nokwalezo ezisayokwenziwa yilabo abalandelayo.
Ukufuna Ukuhlakanipha Kuyize
12 Mina Mshumayeli ngangiyinkosi yakwa-Israyeli, eJerusalema. 13 Ngazinikela ngenhliziyo yami yonke ukufuna nokucwaninga ngokuhlakanipha yonke into eyenziwa phansi komthunzi welanga. Kungumsebenzi okhathazayo uNkulunkulu awunikeze abantu ukuba babe matasatasa ngawo. 14 Ngiyibone yonke imisebenzi eyenziwa phansi komthunzi welanga; impela konke kufana nokubamba utalagu! 15 Okugobile ngeke kuqondiswe, okungekho ngeke kwabalwa.
16 Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Ngizuze ukuhlakanipha okukhulu ukwedlula bonke abangendulela ekubuseni eJerusalema. Yebo, inhliziyo yami izuze ukuhlakanipha okukhulu nokuqonda. 17 Ngizinikele ngenhliziyo yami yonke ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuwula nobuthutha. Ngithole ukuthi konke lokho kufana nokubamba utalagu. 18Ukwanda kokuhlakanipha kwandisa inkathazo; owandisa ulwazi, wandisa usizi.”

Okuqokiwe okwamanje:

UMshumayeli 1: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo