UmShumayeli 1:9-11
UmShumayeli 1:9-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Okwake kwaba khona, kuyobuye kube khona, nokwake kwenziwa kuyobuye kwenziwe. Ayikho into entsha phansi komthunzi welanga. Ikhona yini into okuthiwa ngayo: “Bheka, lokhu kusha?” Empeleni seyake yaba khona emandulo, singakabi bikho. Akukho ukukhunjulwa kwezinto esezedlule, nokwalezo ezisayokwenziwa yilabo abalandelayo.
UmShumayeli 1:9-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Okwake kwaba khona yikho okuyakuba khona, nokwake kwenziwa yikho okuyakwenziwa; akukho okusha phansi kwelanga. Kukhona yini into okuthiwa ngayo: “Bheka, intsha le.” Yayikhona nasemandulo ayengaphambi kwethu. Akukho ukukhunjulwa kwase bephelile, nabalandelayo abayakufika abayikukhunjulwa nabo phakathi kwabalandela bona.
UmShumayeli 1:9-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Okwakukhona yikho okuzakuba khona; futhi okwenzekayo yilokho okuyokwenziwa; futhi akukho okusha phansi kwelanga. Kukhona yini okungashiwo ngakho ukuthi: Bheka, kukusha na? bekuphambi kwethu kusukela kudala. Akukho ukukhunjulwa kwezinto zakuqala; futhi akuyikubakho ukukhunjulwa kwezinto ezizayo kanye nabazayo.