Umshumayeli 1:9-11

Umshumayeli 1:9-11 CZB24

Okwakukhona yikho okuzakuba khona; futhi okwenzekayo yilokho okuyokwenziwa; futhi akukho okusha phansi kwelanga. Kukhona yini okungashiwo ngakho ukuthi: Bheka, kukusha na? bekuphambi kwethu kusukela kudala. Akukho ukukhunjulwa kwezinto zakuqala; futhi akuyikubakho ukukhunjulwa kwezinto ezizayo kanye nabazayo.