UMshumayeli 1:12-18

UMshumayeli 1:12-18 ZUL20

Mina Mshumayeli ngangiyinkosi yakwa-Israyeli, eJerusalema. Ngazinikela ngenhliziyo yami yonke ukufuna nokucwaninga ngokuhlakanipha yonke into eyenziwa phansi komthunzi welanga. Kungumsebenzi okhathazayo uNkulunkulu awunikeze abantu ukuba babe matasatasa ngawo. Ngiyibone yonke imisebenzi eyenziwa phansi komthunzi welanga; impela konke kufana nokubamba utalagu! Okugobile ngeke kuqondiswe, okungekho ngeke kwabalwa. Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Ngizuze ukuhlakanipha okukhulu ukwedlula bonke abangendulela ekubuseni eJerusalema. Yebo, inhliziyo yami izuze ukuhlakanipha okukhulu nokuqonda. Ngizinikele ngenhliziyo yami yonke ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuwula nobuthutha. Ngithole ukuthi konke lokho kufana nokubamba utalagu. Ukwanda kokuhlakanipha kwandisa inkathazo; owandisa ulwazi, wandisa usizi.”