UmShumayeli 1:12-18

UmShumayeli 1:12-18 ZUL59

Mina Mshumayeli ngangiyinkosi phezu kuka-Israyeli eJerusalema. Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike. Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; bheka, konke kuyize nokufuna umoya. Okuyisigwegwe akunakuqondiswa, nokungekho akunakubalwa. Ngakhuluma mina nenhliziyo yami, ngathi: “Bheka, ngenzile ukuhlakanipha kube kukhulu, ngikwandisile kunabo bonke phambi kwami eJerusalema, yebo, inhliziyo yami ibonile kakhulu ukuhlakanipha nokwazi.” Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula. Ngase ngibona ukuthi nalokho kwakungukufuna umoya. Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukukhathazeka okuningi; owandisa ukwazi wandisa usizi.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo