UmShumayeli 1:12-18
UmShumayeli 1:12-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Mina Mshumayeli ngangiyinkosi yakwa-Israyeli, eJerusalema. Ngazinikela ngenhliziyo yami yonke ukufuna nokucwaninga ngokuhlakanipha yonke into eyenziwa phansi komthunzi welanga. Kungumsebenzi okhathazayo uNkulunkulu awunikeze abantu ukuba babe matasatasa ngawo. Ngiyibone yonke imisebenzi eyenziwa phansi komthunzi welanga; impela konke kufana nokubamba utalagu! Okugobile ngeke kuqondiswe, okungekho ngeke kwabalwa. Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Ngizuze ukuhlakanipha okukhulu ukwedlula bonke abangendulela ekubuseni eJerusalema. Yebo, inhliziyo yami izuze ukuhlakanipha okukhulu nokuqonda. Ngizinikele ngenhliziyo yami yonke ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuwula nobuthutha. Ngithole ukuthi konke lokho kufana nokubamba utalagu. Ukwanda kokuhlakanipha kwandisa inkathazo; owandisa ulwazi, wandisa usizi.”
UmShumayeli 1:12-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Mina Mshumayeli ngangiyinkosi phezu kuka-Israyeli eJerusalema. Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike. Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; bheka, konke kuyize nokufuna umoya. Okuyisigwegwe akunakuqondiswa, nokungekho akunakubalwa. Ngakhuluma mina nenhliziyo yami, ngathi: “Bheka, ngenzile ukuhlakanipha kube kukhulu, ngikwandisile kunabo bonke phambi kwami eJerusalema, yebo, inhliziyo yami ibonile kakhulu ukuhlakanipha nokwazi.” Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula. Ngase ngibona ukuthi nalokho kwakungukufuna umoya. Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukukhathazeka okuningi; owandisa ukwazi wandisa usizi.
UmShumayeli 1:12-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Mina, uMshumayeli, ngangiyinkosi phezu kuka-Israyeli eJerusalema. Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuphenya ngokuhlakanipha ngakho konke okwenzeka phansi kwezulu: lo mzamo wosizi uNkulunkulu awunike abantwana babantu ukuba baqeqeshwe ngawo. Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; futhi bheka, konke kuyize nokuhlushwa komoya. Okuyisigwegwe ngeke kuqondiswe, futhi okushodayo akunakubalwa. Ngakhuluma ngenhliziyo yami ngathi: “Bheka, mina sengize ngobuso obukhulu, ngizuza ukuhlakanipha kunabo bonke ababe ngaphambi kwami eJerusalema; yebo, inhliziyo yami yaba nesipiliyoni esikhulu sokuhlakanipha nolwazi. Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula; Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukudabuka okuningi, nowandisa ukwazi wandisa usizi.