UMshumayeli 1:1-5

UMshumayeli 1:1-5 ZUL20

Amazwi oMshumayeli, indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema. “Ize leze,” kusho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize!” Uzuzani umuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashika phansi komthunzi welanga na? Isizukulwane siyafika, sedlule, kodwa umhlaba umi ingunaphakade. Ilanga liyaphuma, lishone, lisheshe liye endaweni yalo lapho liphuma khona.