UmShumayeli 1:1-5
UmShumayeli 1:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Amazwi oMshumayeli indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema. “Ize leze,” usho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize.” Kuyinzuzoni kumuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga na? Isizukulwane siyamuka, isizukulwane siyeza, kepha umhlaba umi phakade. Ilanga liyaphuma, ilanga liyashona, lishesha ukuya endaweni yalo lapho liphuma khona.
UmShumayeli 1:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Amazwi oMshumayeli, indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema. “Ize leze,” kusho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize!” Uzuzani umuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashika phansi komthunzi welanga na? Isizukulwane siyafika, sedlule, kodwa umhlaba umi ingunaphakade. Ilanga liyaphuma, lishone, lisheshe liye endaweni yalo lapho liphuma khona.
UmShumayeli 1:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Amazwi oMshumayeli, indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema. “Yize leze,” usho uMshumayeli, okuyize okuyize; konke kuyize. Umuntu unanzuzoni kuwo wonke umshikashika wakhe awenzayo phansi kwelanga na? Isizukulwane siyedlula, isizukulwane siyeza, kodwa umhlaba umi kuze kube nininini. Ilanga liyaphuma futhi ilanga liyashona futhi liphuthuma endaweni yalo lapho liphuma khona.