UmShumayeli 1:1-5

UmShumayeli 1:1-5 ZUL59

Amazwi oMshumayeli indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema. “Ize leze,” usho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize.” Kuyinzuzoni kumuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga na? Isizukulwane siyamuka, isizukulwane siyeza, kepha umhlaba umi phakade. Ilanga liyaphuma, ilanga liyashona, lishesha ukuya endaweni yalo lapho liphuma khona.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo