Umshumayeli 1:1-5

Umshumayeli 1:1-5 CZB24

Amazwi oMshumayeli, indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema. “Yize leze,” usho uMshumayeli, okuyize okuyize; konke kuyize. Umuntu unanzuzoni kuwo wonke umshikashika wakhe awenzayo phansi kwelanga na? Isizukulwane siyedlula, isizukulwane siyeza, kodwa umhlaba umi kuze kube nininini. Ilanga liyaphuma futhi ilanga liyashona futhi liphuthuma endaweni yalo lapho liphuma khona.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo