IDutheronomi 9:4-12

IDutheronomi 9:4-12 ZUL20

“Ungalokothi uzitshele enhliziyweni yakho, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esebaxoshile phambi kwakho, uthi: ‘Kwaba ngenxa yokulunga kwami ukuba uSimakade angingenise ukuze ngilidle leli lizwe,’ kodwa kungenxa yobubi balezo zizwe uSimakade azixoshile phambi kwakho. Akubanga ngenxa yokulunga kwakho noma ubuqotho benhliziyo yakho ukuba ungene ulidle izwe lazo, kodwa kungenxa yobubi balezo zizwe uSimakade uNkulunkulu wakho azixoshile phambi kwakho, ukuze aqinise izwi uSimakade afunga ngalo kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka noJakobe. Yazi-ke lokhu, uSimakade uNkulunkulu wakho akakuniki leli lizwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho, ngokuba uyisizwe esintamo ilukhuni. “Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uSimakade uNkulunkulu wakho ehlane. Benihlale nimhlubuka uSimakade kusukela osukwini owaphuma ngalo eGibhithe waze wafika kule ndawo. NaseHorebhe namthukuthelisa uSimakade, uSimakade wanithukuthelela waze wafuna ukunibhubhisa. Ngesikhathi ngikhuphukele entabeni ukuyokwemukela izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uSimakade asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngangingadli sinkwa, ngingaphuzi manzi. USimakade wanginika izibhebhe ezimbili zamatshe, zilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu. Kwakulotshwe kuzo wonke amazwi uSimakade ayewakhulume kini entabeni, ephakathi komlilo, ngosuku lokuhlangana. “Ngasekupheleni kwezinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, uSimakade wanginika izibhebhe ezimbili zamatshe, izibhebhe zesivumelwano. USimakade wathi kimi: ‘Sukuma, wehle masinyane, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibhithe bonile, ngokushesha baphambukile endleleni engabayala ngayo; bazenzele isithombe esibunjiweyo.’