UDuteronomi 9:4-12

UDuteronomi 9:4-12 CZB24

Ungakhulumi enhliziyweni yakho emva kokuba uJehova uNkulunkulu wakho ebaxoshile phambi kwakho ngokuthi: ‘Ngenxa yokulunga kwami uJehova wangingenisa ukuba ngilidle leli zwe, kodwa ngenxa yobubi balezi zizwe uJehova waziletha. Ngaphandle kwakho. Akungenxa yokulunga kwakho noma ngenxa yobuqotho benhliziyo yakho ukuthi uyakudla ifa lezwe labo; kepha ngenxa yobubi balezi zizwe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzixosha phambi kwakho, agcwalise izwi uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe. Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho akakuniki leli zwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho; ngoba ningabantu abanenkani. Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe, waze wafika kule ndawo, nahlubuka uJehova. NaseHorebe namthukuthelisa uJehova, uJehova wanithukuthelela ukuba anibhubhise. Lapho ngenyukela entabeni ukwamukela izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, futhi angizange ngidle isinkwa, futhi angiphuzanga manzi. UJehova wanginika izibhebhe ezimbili zamatshe zilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu; kwakulotshwe kuyo njengawo wonke amazwi uJehova awakhuluma kini entabeni phakathi komlilo ngosuku lokuhlangana. Kwathi ekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane uJehova wanginika izibhebhe ezimbili zamatshe, izibhebhe zesivumelwano. UJehova wathi kimi: “Sukuma, usuke lapha masinyane; ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibithe babunile, baba yincithakalo; baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo; bazenzela isithombe esibunjiweyo.