UDuteronomi 9:4-12

UDuteronomi 9:4-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Ungalokothi uzitshele enhliziyweni yakho, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esebaxoshile phambi kwakho, uthi: ‘Kwaba ngenxa yokulunga kwami ukuba uSimakade angingenise ukuze ngilidle leli lizwe,’ kodwa kungenxa yobubi balezo zizwe uSimakade azixoshile phambi kwakho. Akubanga ngenxa yokulunga kwakho noma ubuqotho benhliziyo yakho ukuba ungene ulidle izwe lazo, kodwa kungenxa yobubi balezo zizwe uSimakade uNkulunkulu wakho azixoshile phambi kwakho, ukuze aqinise izwi uSimakade afunga ngalo kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka noJakobe. Yazi-ke lokhu, uSimakade uNkulunkulu wakho akakuniki leli lizwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho, ngokuba uyisizwe esintamo ilukhuni. “Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uSimakade uNkulunkulu wakho ehlane. Benihlale nimhlubuka uSimakade kusukela osukwini owaphuma ngalo eGibhithe waze wafika kule ndawo. NaseHorebhe namthukuthelisa uSimakade, uSimakade wanithukuthelela waze wafuna ukunibhubhisa. Ngesikhathi ngikhuphukele entabeni ukuyokwemukela izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uSimakade asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngangingadli sinkwa, ngingaphuzi manzi. USimakade wanginika izibhebhe ezimbili zamatshe, zilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu. Kwakulotshwe kuzo wonke amazwi uSimakade ayewakhulume kini entabeni, ephakathi komlilo, ngosuku lokuhlangana. “Ngasekupheleni kwezinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, uSimakade wanginika izibhebhe ezimbili zamatshe, izibhebhe zesivumelwano. USimakade wathi kimi: ‘Sukuma, wehle masinyane, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibhithe bonile, ngokushesha baphambukile endleleni engabayala ngayo; bazenzele isithombe esibunjiweyo.’

UDuteronomi 9:4-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Ungakhulumi enhliziyweni yakho, uJehova uNkulunkulu wakho esebaxoshile ngaphambi kwakho, ngokuthi: ‘Ngenxa yokulunga kwami uJehova ungingenisile ukuba ngidle leli zwe,’ ingani kungenxa yobubi balezo zizwe uJehova azixosha phambi kwakho. Akungokulunga kwakho noma ngobuqotho benhliziyo yakho ungena ulidle izwe lazo, kepha kungobubi balezo zizwe uJehova uNkulunkulu wakho azixosha phambi kwakho nangokuba eyakuliqinisa izwi uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe. Yazi-ke uJehova uNkulunkulu wakho akakuniki leli zwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho, ngokuba uyisizwe esintamo ilukhuni. “Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe waze wafika kule ndawo nanizinge nihlubuka kuJehova. NaseHorebe namthukuthelisa uJehova, uJehova wanithukuthelela ukuba anibhubhise. Lapho sengikhuphukele entabeni ukuba ngamukele izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; angidlanga sinkwa, angiphuzanga manzi. UJehova wanginika lezo zibhebhe ezimbili zamatshe, zilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu; kwakulotshwe kuzona njengamazwi onke uJehova awakhuluma kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana. “Kwathi ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane uJehova wanginika izibhebhe zombili zamatshe, izibhebhe zesivumelwano. UJehova wathi kimi: ‘Vuka wehle lapha masinyane, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibithe bonile, baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo; bazenzele isithombe esibunjiweyo.’

UDuteronomi 9:4-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ungakhulumi enhliziyweni yakho emva kokuba uJehova uNkulunkulu wakho ebaxoshile phambi kwakho ngokuthi: ‘Ngenxa yokulunga kwami uJehova wangingenisa ukuba ngilidle leli zwe, kodwa ngenxa yobubi balezi zizwe uJehova waziletha. Ngaphandle kwakho. Akungenxa yokulunga kwakho noma ngenxa yobuqotho benhliziyo yakho ukuthi uyakudla ifa lezwe labo; kepha ngenxa yobubi balezi zizwe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzixosha phambi kwakho, agcwalise izwi uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe. Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho akakuniki leli zwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho; ngoba ningabantu abanenkani. Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uJehova uNkulunkulu wakho ehlane; kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe, waze wafika kule ndawo, nahlubuka uJehova. NaseHorebe namthukuthelisa uJehova, uJehova wanithukuthelela ukuba anibhubhise. Lapho ngenyukela entabeni ukwamukela izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uJehova asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, futhi angizange ngidle isinkwa, futhi angiphuzanga manzi. UJehova wanginika izibhebhe ezimbili zamatshe zilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu; kwakulotshwe kuyo njengawo wonke amazwi uJehova awakhuluma kini entabeni phakathi komlilo ngosuku lokuhlangana. Kwathi ekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane uJehova wanginika izibhebhe ezimbili zamatshe, izibhebhe zesivumelwano. UJehova wathi kimi: “Sukuma, usuke lapha masinyane; ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibithe babunile, baba yincithakalo; baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo; bazenzela isithombe esibunjiweyo.