IDutheronomi 9

9
Ukungalaleli Kuka-Israyeli Ehlane
1 “Yizwa Israyeli: uzakuwela iJordani namuhla, ungene ukuba wephuce izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu nebiyelwe kuze kube sezulwini, 2 abantu abakhulu nabade, abozalo lwama-Anaki obaziyo, ozwile ngabo kuthiwa: ‘Ngubani ongema phambi kwabozalo luka-Anaki na?’
3 “Yazi-ke namuhla ukuthi nguSimakade uNkulunkulu wakho odlula phambi kwakho njengomlilo oqothulayo; oyobabhubhisa, abanqobe phambi kwakho, wena uyakubaphuca izwe, ubabhubhise masinyane, njengalokhu uSimakade ekhulumile kuwe.
4 “Ungalokothi uzitshele enhliziyweni yakho, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esebaxoshile phambi kwakho, uthi: ‘Kwaba ngenxa yokulunga kwami ukuba uSimakade angingenise ukuze ngilidle leli lizwe,’ kodwa kungenxa yobubi balezo zizwe uSimakade azixoshile phambi kwakho. 5Akubanga ngenxa yokulunga kwakho noma ubuqotho benhliziyo yakho ukuba ungene ulidle izwe lazo, kodwa kungenxa yobubi balezo zizwe uSimakade uNkulunkulu wakho azixoshile phambi kwakho, ukuze aqinise izwi uSimakade afunga ngalo kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka noJakobe. 6 Yazi-ke lokhu, uSimakade uNkulunkulu wakho akakuniki leli lizwe elihle ukuba ulidle ngenxa yokulunga kwakho, ngokuba uyisizwe esintamo ilukhuni.
7 “Khumbula, ungakhohlwa ukuthi wamthukuthelisa uSimakade uNkulunkulu wakho ehlane. Benihlale nimhlubuka uSimakade kusukela osukwini owaphuma ngalo eGibhithe waze wafika kule ndawo. 8 NaseHorebhe namthukuthelisa uSimakade, uSimakade wanithukuthelela waze wafuna ukunibhubhisa. 9 Ngesikhathi ngikhuphukele entabeni ukuyokwemukela izibhebhe zamatshe, izibhebhe zesivumelwano uSimakade asenza nani, ngahlala entabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngangingadli sinkwa, ngingaphuzi manzi. 10 USimakade wanginika izibhebhe ezimbili zamatshe, zilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu. Kwakulotshwe kuzo wonke amazwi uSimakade ayewakhulume kini entabeni, ephakathi komlilo, ngosuku lokuhlangana.
11 “Ngasekupheleni kwezinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, uSimakade wanginika izibhebhe ezimbili zamatshe, izibhebhe zesivumelwano. 12 USimakade wathi kimi: ‘Sukuma, wehle masinyane, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibhithe bonile, ngokushesha baphambukile endleleni engabayala ngayo; bazenzele isithombe esibunjiweyo.’
13“USimakade wabuye wakhuluma kimi, wathi: ‘Ngibabonile laba bantu; bheka, bangabantu abantamo ilukhuni; 14 ngiyeke ukuze ngibabhubhise, ngilesule lishabalale igama labo phansi kwezulu, ngiyokwenza wena ube yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo.’
15 “Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, intaba yayivutha umlilo; izibhebhe ezimbili zesivumelwano zazisezandleni zami zombili. 16Ngabona ukuthi nempela, nanonile kuSimakade uNkulunkulu wenu; nanizenzele ithole elibunjiweyo, naphambuka ngokushesha endleleni uSimakade ayeniyale ngayo. 17Ngazithatha izibhebhe ezimbili, ngazilahla phansi ngazo zombili izandla zami, ngazephula phambi kwamehlo enu.
18 “Ngakhothama ngathi mbo phambi kukaSimakade njengakuqala, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40; ngingadli sinkwa, ngingaphuzi manzi ngenxa yesono senu enanone ngaso, nenza okubi emehlweni kaSimakade, namthukuthelisa. 19 Nakuba ngangilwesaba ulaka nentukuthelo uSimakade ayenithukuthelele ngakho ukuba anibhubhise, nokho uSimakade wangizwa futhi nangaleso sikhathi. 20 USimakade wamthukuthelela kakhulu u-Aroni, futhi wayekulungele ukuba ambhubhise; ngamkhulekela u-Aroni ngaleso sikhathi. 21Ngase ngithatha isono senu, ithole enanilenzile, ngalishisa ngomlilo, ngaligxoba, ngaligayisisa laze laba njengothuli, ngaphonsa uthuli lwalo emfudlaneni owehla entabeni.
22 “EThabhehera, eMasa naseKibhirothi Hathava, namthukuthelisa uSimakade.
23 “Nalapho uSimakade enithuma, nisuka eKadeshi Bharineya, ethi: ‘Khuphukani, nilidle izwe engininike lona,’ nahlubuka ezwini likaSimakade uNkulunkulu wenu, anaze nakholwa nguye, analilalela izwi lakhe. 24 Nimhlubukile uSimakade kusukela osukwini enganazi ngalo.
25 “Ngakhothama ngathi mbo ngobuso phambi kukaSimakade, izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngokuba uSimakade wayethe uzonibhubhisa. 26 Ngakhuleka kuSimakade, ngathi: ‘Nkosi Simakade, ungababhubhisi abantu bakho nefa lakho olihlengile ngobukhulu bakho, walikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla. 27Khumbula izinceku zakho u-Abhrahama, u-Isaka noJakobe, ungabheki inkani yalaba bantu, ububi babo, nesono sabo, 28funa izwe owasikhipha kulo lithi: “Kwaba ngenxa yokuba uSimakade wayengakwazi ukubangenisa ezweni ayebathembise lona, futhi ebazonda; ubakhiphile ukuze ababulalele ehlane.”
29 “ ‘Bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

IDutheronomi 9: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume