IDutheronomi 1:9-18

IDutheronomi 1:9-18 ZUL20

“Nganitshela ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Anginakunithwala ngedwa. USimakade uNkulunkulu wenu usenandisile, kangangokuthi namuhla senilukhumbintethe, ningangezinkanyezi emkhathini. USimakade uNkulunkulu wokhokho benu makanithasisele kayinkulungwane, anibusise njengalokhu angitshela. Mina ngedwa ngingazithwala kanjani izinhlupheko zenu, imithwalo yenu, nokuxabana kwenu na? Ziqokeleni amadoda ahlakaniphileyo, anokuqonda futhi aziwayo ezizweni zenu, ukuze ngiwenze izinduna zenu.’ “Nangiphendula nathi: ‘Izwi ositshele lona ukuba silenze, lihle.’ “Ngase ngithatha izinhloko ngokwezizwana zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawamisa aba yizinduna zenu: aba yizinduna zezinkulungwane, izinduna zamakhulu, izinduna zama-50, izinduna zamashumi, neziphathimandla ezizwaneni zenu. Ngabayala abehluleli benu ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Zwanini okwenzeka phakathi kwabafowenu, bese nehlulela ngokulunga phakathi komuntu nomfowabo, nomfokazi okhosele kuye. Maningakhethi abantu ekwehluleleni, mlaleleni omncane njengomkhulu, ningesabi buso bamuntu, ngokuba ukwehlulela kungokukaNkulunkulu. Indaba elukhuni kini niyoyiletha kimi, ngiyizwe.’ Nganiyala ngaleso sikhathi ngakho konke enaniyokwenza.