UDuteronomi 1:9-18

UDuteronomi 1:9-18 ZUL59

“Ngakhuluma kini ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Anginakunithwala mina ngedwa; uJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi. UJehova uNkulunkulu wawoyihlo makathasisele kulokhu eniyikho kayinkulungwane, anibusise, njengalokho wakhuluma kini. Mina ngedwa ngingathwala kanjani izinhlupheko zenu, nemithwalo yenu, nokuxabana kwenu na? Nizithathele amadoda ahlakaniphileyo, aqondileyo, aziwayo ezizweni zenu, ngiwenze abe yizinhloko phezu kwenu.’ “Nangiphendula nathi: ‘Okukhulumileyo kuhle kithi ukukwenza.’ “Ngase ngithatha izinhloko zezizwe zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawenza aba yizinhloko phezu kwenu: izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi, neziphathimandla ezizweni zenu. Ngabayala abahluleli benu ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Zwanini okuphakathi kwabafowenu, nahlulele ngokulungileyo phakathi komuntu nomfowabo, nomfokazi okuye. Maningakhethi abantu ekwahluleleni, nimuzwe omncane njengomkhulu, ningesabi ubuso bamuntu, ngokuba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu; indaba elukhuni kini niyilethe kimi, ngiyizwe.’ Nganiyala ngaleso sikhathi ngakho konke ebeniyakukwenza.