Ngakhuluma kini ngaleso sikhathi, ngathi: Anginakunithwala ngedwa; UJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi. (UJehova uNkulunkulu wawoyihlo makanandise ngokuphindwe kayinkulungwane kunalokhu eniyikho, anibusise njengokuthembisa kwakhe kini!) Mina ngedwa ngingakuthwala kanjani ukuhlupheka kwenu nomthwalo wenu nokuxabana kwenu na? Zithatheleni amadoda ahlakaniphileyo, ahlakaniphileyo, aziwayo ezizweni zenu, ngiwabeke abe ngababusi phezu kwenu. Nangiphendula nathi: ‘Kuhle ukuba senze lokho okushilo.’ Ngase ngithatha izikhulu zezizwe zenu, amadoda ahlakaniphileyo nabadumileyo, ngabamisa baba yizinhloko phezu kwenu, izinduna zenkulungwane nezinduna zekhulu nezinduna zamashumi ayisihlanu nezinduna zeshumi nezinduna ezizweni zenu. Ngabayala abahluleli benu ngaleso sikhathi ngathi: ‘Zwanini amacala phakathi kwabafowenu, nahlulele ngokulunga phakathi kwalowo nalowo nomfowabo nomfokazi okuye. Ningakhethi abantu ekwahluleleni; kepha niyakuzwa omncane nomkhulu; akufanele wesabe ubuso bomuntu; ngoba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu; necala elinisindayo nililethe kimi, ngilizwe. Futhi nganiyala ngaleso sikhathi zonke izinto okufanele nizenze.
Funda UDuteronomi 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UDuteronomi 1:9-18
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo