2 USamuweli 7:1-17

2 USamuweli 7:1-17 ZUL20

Kwathi lapho inkosi isihleli esigodlweni sayo, uSimakade eseyiphumuzile kuzo zonke izitha zayo ezaziyizungezile, inkosi yathi kuNathani, umphrofethi: “Bheka, mina ngihlala esigodlweni esakhiwe ngemisedari, kodwa umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwamakhethini, ethendeni.” UNathani wathi enkosini: “Hamba wenze konke okusenhliziyweni yakho, ngokuba uSimakade unawe.” Kepha kwathi ngalobo busuku izwi likaSimakade lafika kuNathani, lathi: “Hamba utshele inceku yami, uDavide, uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Uyakungakhela yini indlu ukuba ngihlale kuyo na? Ngokuba angikaze ngihlale endlini kusukela ngosuku engakhuphula ngalo abantu bakwa-Israyeli eGibhithe kuze kube namuhla. Bengihamba ngehla ngenyuka nani ngisethendeni nasethabanakelini. Ezindaweni zonke engihambe kuzo nakubo bonke abantu bakwa-Israyeli ngake ngalikhipha yini izwi kunoma yisiphi isizwana sakwa-Israyeli engasiyala ukuba seluse abantu bami u-Israyeli ngathi: aningakhelanga ngani indlu yemisedari na?” ’ “Ngalokho uyakusho kanje encekwini yami, uDavide, uthi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Mina ngakuthatha edlelweni, ekweluseni izimvu, ukuba ube ngumbusi wabantu bami kwa-Israyeli. Nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, ngazibhubhisa zonke izitha zakho phambi kwakho, ngakwenzela igama elidumileyo njengegama labantu ababalulekile emhlabeni. Ngiyakumisela abantu bami u-Israyeli indawo, ngibatshale bahlale kuyo, bangabe besanyakaziswa, nabantu ababi abasayukubahlupha njengakuqala, kusukela osukwini engabeka ngalo abehluleli ukuba babuse abantu bami u-Israyeli, ngiyokuphumuza ezitheni zakho zonke. USimakade uyakutshela ukuthi, Yena uqobo, uyakukwenzela wena indlu. Kuyothi lapho izinsuku zakho seziphelile, usulele nokhokho bakho, bese ngibeka owozalo lwakho oyakuphuma ezibilini zakho, ngiyakuwuqinisa umbuso wakhe. Nguye oyakukwakhela iGama lami indlu; ngiyakusiqinisa isihlalo sombuso wakhe kuze kube phakade. Mina ngiyakuba nguyise, yena abe yindodana yami; okuyakuthi uma enza isono, ngimjezise ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu. Kepha umusa wami awuyukusuka kuye, njengoba ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho. Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi simiswe, kuze kube phakade.” ’ ” UNathani wawakhuluma kuDavide wonke lawo mazwi nakho konke lokho akubonile.